Ngokukaluka 15:22-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. “Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,

23. nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule;

24. ngokuba le ndodana yami ibifile, yabuye yaphila; ibilahlekile, seyatholakala;’ base beqala ukujabula.

25. “Kepha indodana yakhe enkulu yayisensimini; yathi iseza isondela endlini, yezwa ukuhlabelela nokusina.

26. Yabiza omunye wabafana, yabuza ukuthi kwenze njani lokho.

27. Wathi kuyo: ‘Kufike umfowenu; uyihlo wahlaba ithole elikhuluphalisiweyo, ngokuba ubuye wamthola ephilile.’

28. “Kepha yathukuthela, kayivumanga ukungena; uyise wayesephuma, wayincenga.

29. Kodwa yaphendula, yathi kuyise: ‘Bheka, iminyaka engaka ngikukhonzile; angizange ngeqe umyalo wakho, kepha mina awuzange ungiphe nazinyane lembuzi ukuba ngijabule nabahlobo bami,

30. kodwa kuthe ukuba ifike leyo ndodana yakho eqede imfuyo yakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.’

Ngokukaluka 15