Ngokukaluka 15:16-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Yafisa ukuzisuthisa ngemidumba edliwa yizingulube; kepha kayiphiwanga muntu.

17. “Kuthe sekusile kuyo, yathi: ‘Bangaki abaqashwa bakababa abanokudla okuningi, kanti mina ngifa indlala lapha.

18. Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho;

19. angisafanele ukuthiwa indodana yakho; ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.’

20. Yayisisuka, yafika kuyise; kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.

21. “Indodana yayisithi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho.’

22. “Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,

23. nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule;

24. ngokuba le ndodana yami ibifile, yabuye yaphila; ibilahlekile, seyatholakala;’ base beqala ukujabula.

25. “Kepha indodana yakhe enkulu yayisensimini; yathi iseza isondela endlini, yezwa ukuhlabelela nokusina.

26. Yabiza omunye wabafana, yabuza ukuthi kwenze njani lokho.

27. Wathi kuyo: ‘Kufike umfowenu; uyihlo wahlaba ithole elikhuluphalisiweyo, ngokuba ubuye wamthola ephilile.’

28. “Kepha yathukuthela, kayivumanga ukungena; uyise wayesephuma, wayincenga.

29. Kodwa yaphendula, yathi kuyise: ‘Bheka, iminyaka engaka ngikukhonzile; angizange ngeqe umyalo wakho, kepha mina awuzange ungiphe nazinyane lembuzi ukuba ngijabule nabahlobo bami,

30. kodwa kuthe ukuba ifike leyo ndodana yakho eqede imfuyo yakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.’

Ngokukaluka 15