Ngokukaluka 15:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwase kusondela kuye bonke abathelisi nezoni ukumuzwa.

2. AbaFarisi nababhali base bakhonona bethi: “Lo muntu wamukela izoni, adle nazo.”

3. Wayesebalandisa lo mfanekiso, ethi:

4. “Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu, alahlekelwe ngenye kuzo, angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane, aye kwelahlekileyo, aze ayithole, na?

5. Athi eseyitholile, ayetshathe ethokoza.

6. Esefike ekhaya ameme abahlobo nabakhelwane, athi kubo: ‘Thokozani nami, ngokuba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.’

7. Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.

8. “Noma ngumuphi owesifazane othi enezinhlamvu zesiliva eziyishumi, uma elahlekelwe luhlamvu lwaba lunye, angokheli isibani, ashanele indlu, afunisise, aze aluthole?

9. Athi ukuba aluthole, abize abahlobo nabakhelwane, athi: ‘Thokozani nami, ngokuba ngilutholile uhlamvu lwami obelungilahlekele.’

10. Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.”

11. Wayesethi: “Umuntu othile wayenamadodana amabili.

12. Encane yawo yayisithi kuyise: ‘Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami;’ wawahlukanisela impahla.

Ngokukaluka 15