7. Wabalandisa abamenyiweyo umfanekiso, ebona ukuzikhethela kwabo izihlalo eziphambili, wathi kubo:
8. “Nxa umenyiwe ngumuntu ukuya emshadweni, ungahlali esihlalweni esiphambili, funa ngabe ukhona omkhulu kunawe omenyiwe nguye,
9. eze yena onimeme wena naye, athi: ‘Mdedele lo;’ khona uqale uhlale kwesisenzansi unamahloni.
10. Kepha nxa umenyiwe, hamba uhlale endaweni esenzansi ukuba, nxa efika okumemileyo, athi kuwe: ‘Mhlobo, yenyukela enhla;’ khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe ekudleni.
11. Ngokuba oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.”
12. Wathi nakommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma esakusihlwa, ungabizi abahlobo bakho, nabafowenu, nomndeni wakho, nabakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, kube khona ukwenanana.
13. Kepha uma wenza isidlo, mema abampofu, nezinyonga, nezimpumputhe;
14. uyakubusiswa-ke, ngokuba bangekwenanisele; uyakwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.”
15. Esezwile lokho omunye wababehlezi naye ekudleni, wathi kuye: “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.”
16. Kepha wathi kuye: “Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abaningi.
17. Ngesikhathi sedili wathuma inceku yakhe ukuba isho kwabamenyiweyo ukuthi: ‘Zanini, ngokuba sekulungisiwe konke.’