Ngokukaluka 14:24-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Ngokuba ngithi kini: Ayikho neyodwa yalawo madoda abemenyiwe eyakulizwa idili lami.’ ”

25. Kwakuhamba naye izixuku eziningi; waphenduka, wathi kuzo:

26. “Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe, angebe ngumfundi wami.

27. Nalowo ongathwali isiphambano sakhe, angilandele, angebe ngumfundi wami.

28. “Ngokuba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na?

Ngokukaluka 14