Ngokukaluka 14:22-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. “Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe ngokuyala kwakho; kepha isekhona indawo.’

23. “Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele bangene ukuba igcwale indlu yami.

24. Ngokuba ngithi kini: Ayikho neyodwa yalawo madoda abemenyiwe eyakulizwa idili lami.’ ”

25. Kwakuhamba naye izixuku eziningi; waphenduka, wathi kuzo:

26. “Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe, angebe ngumfundi wami.

27. Nalowo ongathwali isiphambano sakhe, angilandele, angebe ngumfundi wami.

Ngokukaluka 14