15. Esezwile lokho omunye wababehlezi naye ekudleni, wathi kuye: “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.”
16. Kepha wathi kuye: “Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abaningi.
17. Ngesikhathi sedili wathuma inceku yakhe ukuba isho kwabamenyiweyo ukuthi: ‘Zanini, ngokuba sekulungisiwe konke.’
18. “Kepha bonke baqala ukuzilandulela ngazwi linye; owokuqala wathi kuye: ‘Ngithengile insimu, kuswelekile ukuba ngiye ngiyibone; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’
19. “Omunye wathi: ‘Ngithengile izinkabi eziyishumi, sengiya ukuzilinga; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’
20. “Omunye wathi: ‘Ngithathile umfazi, ngalokho ngingeze.’
21. “Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: ‘Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.’
22. “Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe ngokuyala kwakho; kepha isekhona indawo.’
23. “Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele bangene ukuba igcwale indlu yami.
24. Ngokuba ngithi kini: Ayikho neyodwa yalawo madoda abemenyiwe eyakulizwa idili lami.’ ”
25. Kwakuhamba naye izixuku eziningi; waphenduka, wathi kuzo: