12. Wathi nakommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma esakusihlwa, ungabizi abahlobo bakho, nabafowenu, nomndeni wakho, nabakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, kube khona ukwenanana.
13. Kepha uma wenza isidlo, mema abampofu, nezinyonga, nezimpumputhe;
14. uyakubusiswa-ke, ngokuba bangekwenanisele; uyakwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.”
15. Esezwile lokho omunye wababehlezi naye ekudleni, wathi kuye: “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.”
16. Kepha wathi kuye: “Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abaningi.
17. Ngesikhathi sedili wathuma inceku yakhe ukuba isho kwabamenyiweyo ukuthi: ‘Zanini, ngokuba sekulungisiwe konke.’
18. “Kepha bonke baqala ukuzilandulela ngazwi linye; owokuqala wathi kuye: ‘Ngithengile insimu, kuswelekile ukuba ngiye ngiyibone; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’
19. “Omunye wathi: ‘Ngithengile izinkabi eziyishumi, sengiya ukuzilinga; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’
20. “Omunye wathi: ‘Ngithathile umfazi, ngalokho ngingeze.’
21. “Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: ‘Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.’
22. “Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe ngokuyala kwakho; kepha isekhona indawo.’
23. “Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele bangene ukuba igcwale indlu yami.
24. Ngokuba ngithi kini: Ayikho neyodwa yalawo madoda abemenyiwe eyakulizwa idili lami.’ ”
25. Kwakuhamba naye izixuku eziningi; waphenduka, wathi kuzo: