1. Kwathi ekungeneni kwakhe ngesabatha endlini yomunye waba yizikhulu kubaFarisi ukuba adle ukudla, bona uqobo babemqaphele.
2. Bheka, kwavela phambi kwakhe umuntu othile owayenesifo samanzi.
3. UJesu wathatha, wathi kuzo izazimthetho nabaFarisi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha noma qha?”
4. Kepha bathula. Wayesemphatha, wamphulukisa, wammukisa.
5. Wathi kubo: “Ngumuphi kini ongathi indodana noma inkabi iyele emgodini, angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha, na?”
6. Bahluleka ukuphendula kulokho.
7. Wabalandisa abamenyiweyo umfanekiso, ebona ukuzikhethela kwabo izihlalo eziphambili, wathi kubo:
8. “Nxa umenyiwe ngumuntu ukuya emshadweni, ungahlali esihlalweni esiphambili, funa ngabe ukhona omkhulu kunawe omenyiwe nguye,
9. eze yena onimeme wena naye, athi: ‘Mdedele lo;’ khona uqale uhlale kwesisenzansi unamahloni.
10. Kepha nxa umenyiwe, hamba uhlale endaweni esenzansi ukuba, nxa efika okumemileyo, athi kuwe: ‘Mhlobo, yenyukela enhla;’ khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe ekudleni.
11. Ngokuba oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.”
12. Wathi nakommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma esakusihlwa, ungabizi abahlobo bakho, nabafowenu, nomndeni wakho, nabakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, kube khona ukwenanana.
13. Kepha uma wenza isidlo, mema abampofu, nezinyonga, nezimpumputhe;