21. Ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka emaqomeni amathathu empuphu, kwaze kwabila konke.”
22. Wayesedlula, wahamba imizi ngemizi nemizana ngemizana, efundisa, eqonde eJerusalema.
23. Umuntu othile wayesethi kuye: “Nkosi, bayingcosana abasindiswayo na?”Wathi kubo:
24. “Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke.
25. Nxa umninindlu esukumile wavala emnyango, niqale ukuma ngaphandle, ningqongqothe emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ uyakuphendula, athi: ‘Anginazi lapho nivela khona.’
26. “Lapho-ke niyakuqala ukuthi: ‘Sasidla, siphuza phambi kwakho, wawufundisa emigwaqweni yakithi.’
27. “Athi-ke: ‘Ngithi kini: Anginazi lapho nivela khona; sukani kimi nina nonke, basebenzi bokungalungi.’
28. “Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle.
29. Bayakufika bevela empumalanga, nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, bahlale ekudleni embusweni kaNkulunkulu.
30. Bhekani, bakhona abokugcina abayakuba ngabokuqala; bakhona abokuqala abayakuba ngabokugcina.”
31. Ngawo lowo mzuzwana kweza abaFarisi abathile, bathi kuye: “Suka, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.”
32. Wathi kubo: “Hambani nithi kuleyo mpungushe: ‘Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukise abagulayo namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.’
33. Nokho ngimelwe ukuba ngihambe namuhla nakusasa nangomhlomunye; ngokuba akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema.
34. “Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko; kepha anivumanga.
35. Bhekani, indlu yenu isisala inxiwa kini; kepha ngithi kini: Anisoze nangibona, kuze kufike isikhathi sokuba nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”