Ngokukaluka 13:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngaleso sikhathi kwakukhona abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanisile nemihlatshelo yabo.

2. Waphendula, wathi kubo: “Nithi labo baseGalile babe yizoni kunabo bonke abaseGalile, ngokuba behlelwa yilokho, na?

3. Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.

4. Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babe namacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na?

5. Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.”

6. Wayesebalandisa lo mfanekiso wokuthi: “Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza efuna isithelo kuwo, akasifumananga.

7. Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; wunqume; yini ukuba uyone futhi inhlabathi?’

Ngokukaluka 13