Ngokukaluka 13:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngaleso sikhathi kwakukhona abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanisile nemihlatshelo yabo.

2. Waphendula, wathi kubo: “Nithi labo baseGalile babe yizoni kunabo bonke abaseGalile, ngokuba behlelwa yilokho, na?

3. Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.

4. Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babe namacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na?

Ngokukaluka 13