50. Kepha nginombhapathizo engizakubhapathizwa ngawo; ngikhathazekile kanjani, uze ufezeke.
51. Nithi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni na? Ngithi kini: Qha, kepha kakhulu ukwahlukana.
52. Ngokuba kusukela manje kuyakuba khona abayisihlanu endlini inye bahlukene, abathathu nababili, ababili nabathathu;
53. bayakwahlukana, uyise nendodana, indodana noyise; unina nendodakazi, indodakazi nonina; uninazala nomalokazana wakhe, umalokazana noninazala.”
54. Wayesethi nakuzo izixuku: “Nxa nibona ifu likhuphuka entshonalanga, masinyane nithi: ‘Iyeza imvula,’ kube njalo.