Ngokukaluka 12:47-59 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

47. “Njalo-ke leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungiselanga, ingenzanga ngokwentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi;

48. kepha ebingazi yenza okufanele imivimbo, iyakushaywa eyingcosana; yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye; nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho.

49. “Ngize ukuphonsa umlilo emhlabeni; bengifunisisa kangakanani ukuba nga sewokhelwe.

50. Kepha nginombhapathizo engizakubhapathizwa ngawo; ngikhathazekile kanjani, uze ufezeke.

51. Nithi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni na? Ngithi kini: Qha, kepha kakhulu ukwahlukana.

52. Ngokuba kusukela manje kuyakuba khona abayisihlanu endlini inye bahlukene, abathathu nababili, ababili nabathathu;

53. bayakwahlukana, uyise nendodana, indodana noyise; unina nendodakazi, indodakazi nonina; uninazala nomalokazana wakhe, umalokazana noninazala.”

54. Wayesethi nakuzo izixuku: “Nxa nibona ifu likhuphuka entshonalanga, masinyane nithi: ‘Iyeza imvula,’ kube njalo.

55. Futhi nxa kuphephetha iningizimu, nithi: ‘Lizakubalela,’ kube njalo.

56. Bazenzisi, niyakwazi ukuchachisa ukuma komhlaba nokwezulu; kepha yini ukuba ningachachisi lesi sikhathi na?

57. “Pho, yini ukuba ninganqumi ngokwenu okulungileyo na?

58. Ngokuba, nxa uya enkosini nomelene nawe, ncengisisa usesendleleni ukuba ukhululeke kuye, funa mhlawumbe akuhudulele kumahluleli, umahluleli akunikele kulo iphoyisa, iphoyisa likuphonse etilongweni.

59. Ngithi kuwe: Awusoze waphuma khona, uze ukhokhe ifadingi* lokuphela.”

Ngokukaluka 12