4. “Kepha ngithi kinina bahlobo bami: Ningabesabi abawubulala umzimba, bengenakwenza okunye emva kwalokho.
5. Kodwa ngiyakunitshengisa eniyakumesaba: Mesabeni lowo othi esebulele, abe namandla okuphonsa esihogweni. Yebo, ngithi kini: Mesabeni lowo.
6. Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu.
7. Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi.
8. “Futhi ngithi kini: Yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu neNdodana yomuntu iyakumvuma yena phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu;
9. kepha ongiphika phambi kwabantu uyakuphikwa phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu.
10. Nalowo okhuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu uyakuthethelelwa, kepha ohlambalaza uMoya oNgcwele kayikuthethelelwa.
11. “Kepha nxa beniqhubela emasinagogeni,* nakubabusi, nakuzo iziphathimandla, ningakhathazeki ngokuthi niyakuziphendulela kanjani nangokuthini, nokuba niyakukhulumani,
12. ngokuba uMoya oNgcwele uyakunifundisa ngasona leso sikhathi okufanele nikukhulume.”
13. Omunye wesixuku wathi kuye: “Mfundisi, shono kumfowethu ukuba abelane nami ifa.”
14. Kepha wathi kuye: “Mngane, ubani ongimise ngibe ngumahluleli noma umahlukanisi phezu kwenu na?”