Ngokukaluka 12:32-48 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. “Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.

33. Thengisani ngeninakho, niphe abampofu; nizenzele izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini, lapho kungasondeli sela, kungoni nundu khona.

34. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yenu, lapho iyakuba khona nenhliziyo yenu.

35. “Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zivutha.

36. Nani yibani njengabantu ababheke inkosi yabo ibuya emshadweni ukuba, nxa ifika ingqongqotha, bayivulele masinyane.

37. Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile; ngiqinisile ngithi kini: Iyakuzibopha ukhalo, izihlalise ekudleni, ize izikhonze.

38. Noma ifika ngomlindo wesibili noma ngowesithathu, ifumane kunjalo, zibusisiwe zona lezo.

39. Kepha yazini lokhu kokuthi, uma umninindlu ebesazi isikhathi isela elizakufika ngaso, ubengayikuvuma ukuba ifohlwe indlu yakhe.

40. Nani manibe nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngesikhathi eningasicabangiyo.”

41. UPetru wayesethi kuye: “Nkosi, usilandisa thina lo mfanekiso nokuba bonke na?”

42. Yayisithi iNkosi: “Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho?

43. Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo, nxa ifika, iyifumane yenze njalo.

44. Impela ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho.

45. Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele ukufika,’ iqale ukushaya abafana namantombazana, idle, iphuze, idakwe,

46. inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangomzuzu engawaziyo, iyinqumanqume, iyabele nabangakholekile.

47. “Njalo-ke leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungiselanga, ingenzanga ngokwentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi;

48. kepha ebingazi yenza okufanele imivimbo, iyakushaywa eyingcosana; yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye; nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho.

Ngokukaluka 12