Ngokukaluka 12:26-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Ngalokho nxa ningenamandla okwenza nokuncinyane, yini ukuba nikhathazeke ngokunye na?

27. “Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayiphothi, ayaluki, kepha ngithi kini noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.

28. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, kakhulu kangakanani uyakunembathisa nina eninokukholwa okuncane.

29. Nani maningafuni eniyakukudla neniyakukuphuza; ningakhathazeki.

Ngokukaluka 12