Ngokukaluka 12:13-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Omunye wesixuku wathi kuye: “Mfundisi, shono kumfowethu ukuba abelane nami ifa.”

14. Kepha wathi kuye: “Mngane, ubani ongimise ngibe ngumahluleli noma umahlukanisi phezu kwenu na?”

15. Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”

16. Wabalandisa umfanekiso, wathi: “Izwe lomuntu othile onothileyo lathela kahle.

17. Wazindla phakathi kwakhe, wathi: ‘Ngizakwenzani, lokhu ngingenandawo engingabuthela kuyo ukudla kwami, na?’

18. “Wayesethi: ‘Ngizakwenza lokhu: ngizakudiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele khona ukudla kwami konke nempahla yami.

19. Bese ngithi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka emmingi; phumula, udle, uphuze, ujabule.’

20. “Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’

21. “Kunjalo kozibekelela ingcebo enganothile kuNkulunkulu.”

22. Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani.

23. Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho.

Ngokukaluka 12