Ngokukaluka 12:10-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Nalowo okhuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu uyakuthethelelwa, kepha ohlambalaza uMoya oNgcwele kayikuthethelelwa.

11. “Kepha nxa beniqhubela emasinagogeni,* nakubabusi, nakuzo iziphathimandla, ningakhathazeki ngokuthi niyakuziphendulela kanjani nangokuthini, nokuba niyakukhulumani,

12. ngokuba uMoya oNgcwele uyakunifundisa ngasona leso sikhathi okufanele nikukhulume.”

13. Omunye wesixuku wathi kuye: “Mfundisi, shono kumfowethu ukuba abelane nami ifa.”

14. Kepha wathi kuye: “Mngane, ubani ongimise ngibe ngumahluleli noma umahlukanisi phezu kwenu na?”

15. Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”

16. Wabalandisa umfanekiso, wathi: “Izwe lomuntu othile onothileyo lathela kahle.

17. Wazindla phakathi kwakhe, wathi: ‘Ngizakwenzani, lokhu ngingenandawo engingabuthela kuyo ukudla kwami, na?’

18. “Wayesethi: ‘Ngizakwenza lokhu: ngizakudiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele khona ukudla kwami konke nempahla yami.

19. Bese ngithi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka emmingi; phumula, udle, uphuze, ujabule.’

20. “Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’

21. “Kunjalo kozibekelela ingcebo enganothile kuNkulunkulu.”

22. Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani.

23. Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho.

24. Bhekani izingwababana ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azinaxhiba nanqolobane, kepha uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kakhulu kangakanani izinyoni.

25. Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka enezele ebudeni bakhe ingalo na?

26. Ngalokho nxa ningenamandla okwenza nokuncinyane, yini ukuba nikhathazeke ngokunye na?

27. “Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayiphothi, ayaluki, kepha ngithi kini noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.

28. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, kakhulu kangakanani uyakunembathisa nina eninokukholwa okuncane.

29. Nani maningafuni eniyakukudla neniyakukuphuza; ningakhathazeki.

30. Ngokuba konke lokho kufunwa ngabezizwe bomhlaba, kepha uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokho.

Ngokukaluka 12