Ngokukaluka 12:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi sezibuthene izigidi zabantu baze banyathelana, waqala ukukhuluma, ikakhulu kubafundi bakhe, ethi: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.

2. Akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa, nokufihliweyo okungayikwaziwa.

3. Ngakho-ke konke enikukhuluma ebumnyameni kuyakuzwiwa ekukhanyeni, nalokho enikukhuluma endlebeni emakamelweni kuyakumenyezelwa phezu kwezindlu.

4. “Kepha ngithi kinina bahlobo bami: Ningabesabi abawubulala umzimba, bengenakwenza okunye emva kwalokho.

5. Kodwa ngiyakunitshengisa eniyakumesaba: Mesabeni lowo othi esebulele, abe namandla okuphonsa esihogweni. Yebo, ngithi kini: Mesabeni lowo.

6. Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu.

7. Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi.

8. “Futhi ngithi kini: Yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu neNdodana yomuntu iyakumvuma yena phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu;

9. kepha ongiphika phambi kwabantu uyakuphikwa phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu.

Ngokukaluka 12