Ngokukaluka 11:5-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Wathi kubo: “Ngumuphi kini oyakuba nomhlobo, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: ‘Mhlobo, ngitsheleke izinkwa zibe zintathu,

6. ngokuba kufike kimi umhlobo wami evela ekuhambeni, kepha anginanto engingayibeka phambi kwakhe;’

7. yena-ke ophakathi aphendule athi: ‘Ungangihluphi; sekuvaliwe emnyango, nabantwana bami balele kanye nami; anginakuvuka, ngikunike,’ na?

8. Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike ngokuba engumhlobo wakhe, nokho ngenxa yokukhongisisa kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo.

9. “Ngithi kini: Celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa.

10. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa.

11. “Ngumuphi kini onguyise, oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi;

12. uma icela iqanda, ayinike ufezela, na?

13. Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.”

14. Wakhipha idemoni, laliyisimungulu; kwathi seliphumile idemoni, wakhuluma oyisimungulu; abantu bamangala.

15. Kepha abanye kubo bathi: “Ukhipha amademoni ngoBelzebule umbusi wamademoni.”

16. Abanye bemlinga bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini.

17. Kepha yena eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, indlu idilike phezu kwendlu.

18. NoSathane, uma ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? lokhu nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule.

Ngokukaluka 11