42. “Kodwa maye kinina baFarisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokwemifino yonke, ninganaki ukulunga nokumthanda uNkulunkulu! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.
43. “Maye kinina baFarisi, ngokuba nithanda izihlalo eziphambili emasinagogeni* nokubingelelwa ezigcawini zokuthengelana!
44. “Maye kinina, ngokuba nifana namathuna angasabonakaliyo, nabantu abahamba ngaphezu kwawo bengawazi!”
45. Wayesephendula omunye wezazimthetho, wathi kuye: “Mfundisi, ngokusho lokho uyasijivaza nathi.”
46. Kepha wathi: “Maye nakinina zazimthetho, ngokuba nithwesa abantu imithwalo ethwaleka kalukhuni! Nina-ke uqobo lwenu aniyithinti leyo mithwalo nangowodwa weminwe yenu.