Ngokukaluka 11:34-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. Isibani somzimba siyiso lakho; nxa iso lakho liphilile, umzimba wakho wonke ungukukhanya; kepha nxa lilibi, umzimba wakho ungubumnyama.

35. Ngakho qaphela ukuba ukukhanya okukuwe kungabi ngubumnyama.

36. Njalo-ke uma umzimba wakho wonke ungukukhanya ungenandawo emnyama, uyakukhanya wonke njengesibani sikukhanyisa ngokukhanya kwaso.”

37. Esakhuluma, umFarisi wammema ukuba adle naye; wangena, wahlala ekudleni.

Ngokukaluka 11