32. Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoJona.
33. “Akakho othi esokhela isibani, asibeke esitha nangaphansi kwesitsha, kepha usifaka othini ukuba abangenayo babone ukukhanya.
34. Isibani somzimba siyiso lakho; nxa iso lakho liphilile, umzimba wakho wonke ungukukhanya; kepha nxa lilibi, umzimba wakho ungubumnyama.
35. Ngakho qaphela ukuba ukukhanya okukuwe kungabi ngubumnyama.
36. Njalo-ke uma umzimba wakho wonke ungukukhanya ungenandawo emnyama, uyakukhanya wonke njengesibani sikukhanyisa ngokukhanya kwaso.”
37. Esakhuluma, umFarisi wammema ukuba adle naye; wangena, wahlala ekudleni.
38. UmFarisi wamangala ebona ukuthi kaqalanga ngokuhlamba engakadli.
39. Yayisithi iNkosi kuye: “Manje-ke nina baFarisi nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ukuphanga nokubi.
40. Ziwula, yena owalenza ingaphandle akalenzanga nengaphakathi na?