Ngokukaluka 11:30-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. Ngokuba njengalokho uJona waba yisibonakaliso kwabaseNineve, iNdodana yomuntu iyakuba njalo kulesi sizukulwane.

31. Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye namadoda alesi sizukulwane, iwalahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.

32. Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoJona.

33. “Akakho othi esokhela isibani, asibeke esitha nangaphansi kwesitsha, kepha usifaka othini ukuba abangenayo babone ukukhanya.

34. Isibani somzimba siyiso lakho; nxa iso lakho liphilile, umzimba wakho wonke ungukukhanya; kepha nxa lilibi, umzimba wakho ungubumnyama.

35. Ngakho qaphela ukuba ukukhanya okukuwe kungabi ngubumnyama.

Ngokukaluka 11