Ngokukaluka 11:27-40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Kwathi esakhuluma lokhu, owesifazane othile esixukwini waphakamisa izwi, wathi kuye: “Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.”

28. Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”

29. Sekubuthana kuye izixuku, waqala ukukhuluma, wathi: “Lesi sizukulwane siyisizukulwane esibi; sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona.

30. Ngokuba njengalokho uJona waba yisibonakaliso kwabaseNineve, iNdodana yomuntu iyakuba njalo kulesi sizukulwane.

31. Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye namadoda alesi sizukulwane, iwalahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.

32. Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoJona.

33. “Akakho othi esokhela isibani, asibeke esitha nangaphansi kwesitsha, kepha usifaka othini ukuba abangenayo babone ukukhanya.

34. Isibani somzimba siyiso lakho; nxa iso lakho liphilile, umzimba wakho wonke ungukukhanya; kepha nxa lilibi, umzimba wakho ungubumnyama.

35. Ngakho qaphela ukuba ukukhanya okukuwe kungabi ngubumnyama.

36. Njalo-ke uma umzimba wakho wonke ungukukhanya ungenandawo emnyama, uyakukhanya wonke njengesibani sikukhanyisa ngokukhanya kwaso.”

37. Esakhuluma, umFarisi wammema ukuba adle naye; wangena, wahlala ekudleni.

38. UmFarisi wamangala ebona ukuthi kaqalanga ngokuhlamba engakadli.

39. Yayisithi iNkosi kuye: “Manje-ke nina baFarisi nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ukuphanga nokubi.

40. Ziwula, yena owalenza ingaphandle akalenzanga nengaphakathi na?

Ngokukaluka 11