Ngokukaluka 11:15-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Kepha abanye kubo bathi: “Ukhipha amademoni ngoBelzebule umbusi wamademoni.”

16. Abanye bemlinga bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini.

17. Kepha yena eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, indlu idilike phezu kwendlu.

18. NoSathane, uma ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? lokhu nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule.

19. Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu.

20. Kepha uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.

21. “Uma isiqhwaga sihlomile, silinda umuzi waso, impahla yaso ihlezi ngokuthula.

22. Kepha nxa onamandla kunaso esisukela, asinqobe, uyasaphuca izikhali zaso zonke ebesizethembile, ayabe impango yaso.

23. “Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.

24. “Nxa umoya ongcolileyo ephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula; engakufumani uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.’

25. Uyafika-ke, ayifumane ishaneliwe, ihlotshisiwe.

26. Khona abesehamba, azithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale lapho, ukugcina kwalowo muntu kube kubi kunokwakuqala.”

27. Kwathi esakhuluma lokhu, owesifazane othile esixukwini waphakamisa izwi, wathi kuye: “Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.”

28. Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”

29. Sekubuthana kuye izixuku, waqala ukukhuluma, wathi: “Lesi sizukulwane siyisizukulwane esibi; sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona.

30. Ngokuba njengalokho uJona waba yisibonakaliso kwabaseNineve, iNdodana yomuntu iyakuba njalo kulesi sizukulwane.

31. Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye namadoda alesi sizukulwane, iwalahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.

32. Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoJona.

33. “Akakho othi esokhela isibani, asibeke esitha nangaphansi kwesitsha, kepha usifaka othini ukuba abangenayo babone ukukhanya.

34. Isibani somzimba siyiso lakho; nxa iso lakho liphilile, umzimba wakho wonke ungukukhanya; kepha nxa lilibi, umzimba wakho ungubumnyama.

Ngokukaluka 11