Ngokukaluka 11:14-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Wakhipha idemoni, laliyisimungulu; kwathi seliphumile idemoni, wakhuluma oyisimungulu; abantu bamangala.

15. Kepha abanye kubo bathi: “Ukhipha amademoni ngoBelzebule umbusi wamademoni.”

16. Abanye bemlinga bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini.

17. Kepha yena eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, indlu idilike phezu kwendlu.

18. NoSathane, uma ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? lokhu nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule.

19. Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu.

20. Kepha uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.

21. “Uma isiqhwaga sihlomile, silinda umuzi waso, impahla yaso ihlezi ngokuthula.

22. Kepha nxa onamandla kunaso esisukela, asinqobe, uyasaphuca izikhali zaso zonke ebesizethembile, ayabe impango yaso.

23. “Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.

24. “Nxa umoya ongcolileyo ephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula; engakufumani uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.’

25. Uyafika-ke, ayifumane ishaneliwe, ihlotshisiwe.

26. Khona abesehamba, azithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale lapho, ukugcina kwalowo muntu kube kubi kunokwakuqala.”

Ngokukaluka 11