Ngokukaluka 11:12-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. uma icela iqanda, ayinike ufezela, na?

13. Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.”

14. Wakhipha idemoni, laliyisimungulu; kwathi seliphumile idemoni, wakhuluma oyisimungulu; abantu bamangala.

15. Kepha abanye kubo bathi: “Ukhipha amademoni ngoBelzebule umbusi wamademoni.”

16. Abanye bemlinga bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini.

17. Kepha yena eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, indlu idilike phezu kwendlu.

Ngokukaluka 11