Ngokukaluka 11:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ekhuleka endaweni ethile, esegcinile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengokuba uJohane naye wabafundisa abafundi bakhe.”

2. Wayesethi kubo: “Nxa nikhuleka, anothi:“ ‘Baba wethu osezulwini,malingcweliswe igama lakho;mawufike umbuso wakho;mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini;

3. usiphe isinkwa sethu sezinsukuzonke imihla ngemihla;

4. usithethelele izono zethu,ngokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi;ungasingenisi ekulingweni,kodwa usikhulule kokubi.’ ”

5. Wathi kubo: “Ngumuphi kini oyakuba nomhlobo, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: ‘Mhlobo, ngitsheleke izinkwa zibe zintathu,

6. ngokuba kufike kimi umhlobo wami evela ekuhambeni, kepha anginanto engingayibeka phambi kwakhe;’

7. yena-ke ophakathi aphendule athi: ‘Ungangihluphi; sekuvaliwe emnyango, nabantwana bami balele kanye nami; anginakuvuka, ngikunike,’ na?

8. Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike ngokuba engumhlobo wakhe, nokho ngenxa yokukhongisisa kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo.

9. “Ngithi kini: Celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa.

10. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa.

11. “Ngumuphi kini onguyise, oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi;

12. uma icela iqanda, ayinike ufezela, na?

Ngokukaluka 11