8. “Nakumuphi umuzi eningena kuwo, benamukele, yidlani okubekwa phambi kwenu,
9. niphulukise abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.’
10. Kepha nakumuphi umuzi eningena kuwo, benganamukeli, phumelani ezitaladini zawo, nithi:
11. ‘Nothuli lomuzi wenu olunamathele ezinyaweni zethu siyaluhlangulela kini; nokho-ke yazini lokhu ukuthi umbuso kaNkulunkulu usondele.’
12. Ngithi kini: Kuyakuba ngcono kwabaseSodoma ngalolo suku kunakulowo muzi.
13. “Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka, ihlala ngesaka nangomlotha.