Ngokukaluka 10:29-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Kepha sona sithanda ukuzithetha sathi kuJesu: “Umakhelwane wami ngubani na?”

30. UJesu waphendula wathi: “Umuntu othile wehla eJerusalema eya eJeriko; watheleka phakathi kwezigcwelegcwele, zamhlubula izingubo, zamshaya, zamuka zimshiya umndondo nje.

31. Kwaqabuka kwehla umpristi othile ngaleyo ndlela; wathi embona, wamgwemela.

32. Kanjalo nomLevi, efika kuleyo ndawo embona, wamgwemela.

33. Kepha umSamariya othile owayesendleleni wafika kuye; wathi ukuba ambone, wamhawukela;

34. waya kuye, wabopha amanxeba akhe ewathela ngamafutha newayini, wamkhwelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamgcina.

35. Ngangomuso wakhipha odenariyu* ababili, wabanika umninindlu, wathi kuye: ‘Mgcine, nalokho okwelekelayo ngiyakukubuyisela kuwe ekubuyeni kwami.’

36. “Ngumuphi ngokubona kwakho kulaba abathathu owaba ngumakhelwane wakhe owatheleka phakathi kwezigcwelegcwele na?”

37. Sathi: “Yilowo owamenzela isihawu.”Wayesethi uJesu kuso: “Hamba wenze njalo nawe.”

38. Kwathi ekuhambeni kwabo wangena emzini othile; owesifazane othile, igama lakhe nguMarta, wamamukela endlini yakhe.

39. Wayenodadewabo othiwa nguMariya, owahlala ngasezinyaweni zeNkosi, walizwa izwi layo.

40. Kepha uMarta ekhathazekile ukusebenza okuningi waya kuye, wathi: “Nkosi, awukhathaleli ukuthi udadewethu ungishiyile, ngisebenze ngedwa, na? Ngakho yisho kuye ukuba angisize.”

41. Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Marta, Marta, unakekela, ukhathazeka ngezinto eziningi.

42. Kodwa inye into edingekile; uMariya ukhethile isabelo esihle angayikwaphucwa sona.”

Ngokukaluka 10