Ngokukaluka 10:17-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Babuya-ke abangamashumi ayisikhombisa ngokujabula, bathi: “Nkosi, namademoni ayasithobela ngegama lakho.”

18. Wathi kubo: “Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi.

19. Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela naphezu kwamandla onke esitha; anisoze noniwa lutho.

20. Nokho ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”

21. Ngasona leso sikhathi wathokoza ngoMoya oNgcwele, wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokho kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.

22. Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.”

23. Waphendukela kubafundi bebodwa, wathi: “Abusisiwe amehlo abona enikubonayo.

24. Ngokuba ngithi kini: Baningi abaprofethi namakhosi ababethanda ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.”

25. Bheka, kwase kusukuma isazimthetho esithile, samlinga sathi: “Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”

26. Wathi kuso: “Kulotshweni emthethweni? Ufunda kanjani?”

27. Saphendula sathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho, nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”

28. Wayesethi kuso: “Uphendule kahle; yenza lokho, uzakuphila.”

29. Kepha sona sithanda ukuzithetha sathi kuJesu: “Umakhelwane wami ngubani na?”

30. UJesu waphendula wathi: “Umuntu othile wehla eJerusalema eya eJeriko; watheleka phakathi kwezigcwelegcwele, zamhlubula izingubo, zamshaya, zamuka zimshiya umndondo nje.

31. Kwaqabuka kwehla umpristi othile ngaleyo ndlela; wathi embona, wamgwemela.

32. Kanjalo nomLevi, efika kuleyo ndawo embona, wamgwemela.

33. Kepha umSamariya othile owayesendleleni wafika kuye; wathi ukuba ambone, wamhawukela;

34. waya kuye, wabopha amanxeba akhe ewathela ngamafutha newayini, wamkhwelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamgcina.

35. Ngangomuso wakhipha odenariyu* ababili, wabanika umninindlu, wathi kuye: ‘Mgcine, nalokho okwelekelayo ngiyakukubuyisela kuwe ekubuyeni kwami.’

Ngokukaluka 10