1. Emva kwalokho iNkosi yamisa abanye abangamashumi ayisikhombisa, yabathumela ngababili phambi kwayo emizini nasezindaweni zonke ebizakuya kuzo yona.
2. Yathi kubo: “Ukuvuna kukhulu, kepha izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke nxusani inkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.
3. Hambani; bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi.
4. Ningaphathi sikhwama, nayika, nazicathulo, ningabingeleli muntu endleleni.
5. “Nakuyiphi indlu eningena kuyo, qalani nithi: ‘Ukuthula makube kule ndlu.’
6. Kuyakuthi uma kukhona lapho indodana yokuthula, ukuthula kwenu kohlala phezu kwayo; kepha uma kungenjalo, kuzakubuyela kini.
7. Hlalani kuleyo ndlu, nidle, niphuze abanipha khona; ngokuba isisebenzi sifanele inkokhelo yaso. Ningangenisi ezindlini ngezindlu.
8. “Nakumuphi umuzi eningena kuwo, benamukele, yidlani okubekwa phambi kwenu,
9. niphulukise abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.’
10. Kepha nakumuphi umuzi eningena kuwo, benganamukeli, phumelani ezitaladini zawo, nithi:
11. ‘Nothuli lomuzi wenu olunamathele ezinyaweni zethu siyaluhlangulela kini; nokho-ke yazini lokhu ukuthi umbuso kaNkulunkulu usondele.’
12. Ngithi kini: Kuyakuba ngcono kwabaseSodoma ngalolo suku kunakulowo muzi.
13. “Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka, ihlala ngesaka nangomlotha.