Ngokukaluka 1:67-80 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

67. UZakariya uyise wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha wathi:

68. “Mayibongwe iNkosi,uNkulunkulu ka-Israyeli,ngokuba ibahambele abantu bayo,yabenzela inkululeko.

69. Yasivusela uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yayo,

70. njengalokho yakhuluma ngomlomo wabaprofethi bayo abangcwele basendulo,

71. insindiso ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo,

72. ukwenzela okhokho bethu isihawunokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele,

73. isifungo eyasifunga kubaba u-Abrahama,

74. ukusinika ukuba sithi sikhululiwe esandleni sezitha zethu,siyikhonze singenakwesaba

75. ngobungcwele nangokulunga phambi kwayo zonke izinsuku zethu.

76. Nawe-ke mntwana,uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke,ngokuba uyakuhamba phambi kweNkosi ukulungisa izindlela zayo

77. ukunika abantu bayo ukuyazi insindisongokuthethelelwa kwezono zabo,

78. ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethuesizakuhanjelwa ngayo ngukusa kwaphezulu,

79. ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufanokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”

80. Wakhula-ke umntwana, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.

Ngokukaluka 1