Ngokukaluka 1:57-72 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

57. Saphelela-ke isikhathi sika-Elisabethe sokuba abelethe; wazala indodana.

58. Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu sayo saba sikhulu kuye, bathokoza naye.

59. Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukusoka umntwana, bamqamba ngegama likayise uZakariya.

60. Unina wayesephendula ethi: “Qhabo, uzakuthiwa uJohane.”

61. Bathi kuye: “Akakho noyedwa emndenini wakini obizwa ngalelo gama.”

62. Bamqhweba uyise ukuthi ufuna ukumqamba ngaliphi.

63. Wabiza isileti,* waloba ukuthi. “NguJohane igama lakhe.” Bamangala bonke.

64. Kwase kuvuleka umlomo wakhe khona lapho nolimi lwakhe, wakhuluma embonga uNkulunkulu.

65. Bonke abakhelene nabo behlelwa ngukwesaba, bakhuluma ngazo zonke lezo zindaba kulo lonke lezintaba laseJudiya,

66. nabo bonke abazizwayo bazigcina ezinhliziyweni zabo, bethi: “Kodwa lo mntwana uyakuba yini na?” Isandla seNkosi sasinaye.

67. UZakariya uyise wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha wathi:

68. “Mayibongwe iNkosi,uNkulunkulu ka-Israyeli,ngokuba ibahambele abantu bayo,yabenzela inkululeko.

69. Yasivusela uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yayo,

70. njengalokho yakhuluma ngomlomo wabaprofethi bayo abangcwele basendulo,

71. insindiso ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo,

72. ukwenzela okhokho bethu isihawunokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele,

Ngokukaluka 1