52. Uwisile amakhosi ezihlalweni,uphakamisile abantukazana.
53. Abalambileyo ubasuthisile ngezinto ezinhle,abacebileyo ubamukise ze.
54. Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli,ukuze akhumbule isihawu,
55. njengalokho akusho kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade.”
56. UMariya wahlala naye kungathi izinyanga ezintathu, wabuyela ekhaya.
57. Saphelela-ke isikhathi sika-Elisabethe sokuba abelethe; wazala indodana.