Ngokukaluka 1:51-62 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

51. Wenzile amandla ngengalo yakhe;uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo.

52. Uwisile amakhosi ezihlalweni,uphakamisile abantukazana.

53. Abalambileyo ubasuthisile ngezinto ezinhle,abacebileyo ubamukise ze.

54. Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli,ukuze akhumbule isihawu,

55. njengalokho akusho kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade.”

56. UMariya wahlala naye kungathi izinyanga ezintathu, wabuyela ekhaya.

57. Saphelela-ke isikhathi sika-Elisabethe sokuba abelethe; wazala indodana.

58. Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu sayo saba sikhulu kuye, bathokoza naye.

59. Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukusoka umntwana, bamqamba ngegama likayise uZakariya.

60. Unina wayesephendula ethi: “Qhabo, uzakuthiwa uJohane.”

61. Bathi kuye: “Akakho noyedwa emndenini wakini obizwa ngalelo gama.”

62. Bamqhweba uyise ukuthi ufuna ukumqamba ngaliphi.

Ngokukaluka 1