Ngokukaluka 1:44-59 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

44. Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula.

45. Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuzakuba khona ukufezeka kwalokho akutshelwa, kuvela eNkosini.”

46. Wayesethi uMariya:“Umphefumulo wami uyayitusa Nkosi,

47. nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami,

48. ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe.Bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe.

49. Ngokuba uSomandla ungenzeleizinto ezinkulu:igama lakhe lingcwele.

50. Isihawu sakhe sikuzo izizukulwanengezizukulwane kubo abamesabayo.

51. Wenzile amandla ngengalo yakhe;uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo.

52. Uwisile amakhosi ezihlalweni,uphakamisile abantukazana.

53. Abalambileyo ubasuthisile ngezinto ezinhle,abacebileyo ubamukise ze.

54. Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli,ukuze akhumbule isihawu,

55. njengalokho akusho kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade.”

56. UMariya wahlala naye kungathi izinyanga ezintathu, wabuyela ekhaya.

57. Saphelela-ke isikhathi sika-Elisabethe sokuba abelethe; wazala indodana.

58. Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu sayo saba sikhulu kuye, bathokoza naye.

59. Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukusoka umntwana, bamqamba ngegama likayise uZakariya.

Ngokukaluka 1