36. Bheka, u-Elisabethe isihlobo sakho naye ukhulelwe indodana esemdala; lena ngeyesithupha yakhe obethiwa inyumba.
37. Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”
38. UMariya wathi: “Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi; akube kimi njengezwi lakho.” Ingelosi yamuka kuye.
39. Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda.
40. Wangena endlini kaZakariya, wambingelela u-Elisabethe.
41. Kwathi ukuba u-Elisabethe ezwe ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esiswini sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele,
42. wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho!
43. Ngehlelwe kanjani yilokhu ukuba unina weNkosi yami ahambele kimi na?
44. Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula.
45. Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuzakuba khona ukufezeka kwalokho akutshelwa, kuvela eNkosini.”
46. Wayesethi uMariya:“Umphefumulo wami uyayitusa Nkosi,
47. nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami,
48. ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe.Bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe.
49. Ngokuba uSomandla ungenzeleizinto ezinkulu:igama lakhe lingcwele.
50. Isihawu sakhe sikuzo izizukulwanengezizukulwane kubo abamesabayo.
51. Wenzile amandla ngengalo yakhe;uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo.