Ngokukaluka 1:28-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Yangena ingelosi kuye, yathi: “E wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.”

29. Kepha yena wethuka ngezwi layo ezindla ngokuthi kungaba ngukubingelela kuni lokhu.

30. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu.

31. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu.

32. Yena uyakuba mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide;

33. uyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.”

34. UMariya wathi engelosini: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, njengokuba ngingayazi indoda na?”

35. Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.

36. Bheka, u-Elisabethe isihlobo sakho naye ukhulelwe indodana esemdala; lena ngeyesithupha yakhe obethiwa inyumba.

37. Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”

38. UMariya wathi: “Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi; akube kimi njengezwi lakho.” Ingelosi yamuka kuye.

39. Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda.

Ngokukaluka 1