Ngokukaluka 1:13-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.

14. Uzakuba nokujabula nokuthokoza wena; nabaningi bazakujabula ngokuzalwa kwakhe.

15. Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.

16. Abaningi kubantwana bakwa-Israyeli uyakubaphendulela eNkosini uNkulunkulu wabo.

17. Uyakuhamba ngaphambi kwayo emoyeni nasemandleni ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nabangalaleliyo ekuqondeni kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esilungiselweyo.”

18. UZakariya wathi engelosini: “Ngiyakukwazi ngani lokhu na? Ingani sengiyindoda endala mina, nomkami uqhubekile ezinsukwini zakhe.”

19. Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “NginguGabriyeli mina, omiyo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe, ngikubikele lezi zindaba ezinhle.

20. Bheka-ke, uzakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma kuze kube lusuku okwenzeka ngalo lokhu, ngokuba ungakholwanga ngamazwi ami azakugcwaliseka ngesikhathi sawo.”

21. Abantu bemlindele uZakariya bamangala ngokulibala kwakhe ethempelini.

Ngokukaluka 1