11. Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se-altare lempepho.
12. UZakariya eyibona wethuka, wehlelwa luvalo.
13. Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.
14. Uzakuba nokujabula nokuthokoza wena; nabaningi bazakujabula ngokuzalwa kwakhe.