Ngokukaluka 1:11-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se-altare lempepho.

12. UZakariya eyibona wethuka, wehlelwa luvalo.

13. Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.

14. Uzakuba nokujabula nokuthokoza wena; nabaningi bazakujabula ngokuzalwa kwakhe.

Ngokukaluka 1