Ngokukajohane 9:6-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, waninda amehlo ayo ngodaka.

7. Wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” okuhunyushwa ngokuthi oThunyiweyo; yamuka-ke, yageza, yeza ibona.

8. Ngakho abakhelene nayo nababeyibonile phambili iyisinxibi bathi: “Akusiye lo owayehlezi enxiba na?”

9. Abanye bathi: “Nguyena,” abanye bathi: “Qha, kepha ufana naye;” yena wathi: “Nginguye.”

10. Base bethi kuye: “Pho, amehlo akho avulwe kanjani na?”

11. Waphendula yena, wathi: “Umuntu othiwa uJesu wenza udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: ‘Yana eSilowama, ugeze.’ Ngaya, ngageza, ngabona.”

12. Bathi kuye: “Uphi yena na?”Wathi: “Angazi.”

13. Bamyisa kubaFarisi lowo okade eyimpumputhe.

14. Kwakuyisabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo akhe.

15. Khona nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukuthole kanjani ukubona. Wathi kubo: “Waninda amehlo ami ngodaka, ngageza, sengiyabona.”

16. Ngakho abanye kubaFarisi bathi: “Lona kaveli kuNkulunkulu, lokhu engagcini isabatha.”Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabo.

17. Khona baphinda bathi kuyo impumputhe: “Wena uthini ngaye, lokhu evule amehlo akho, na?”Yathi: “Ungumprofethi.”

18. Kepha abaJuda abakholwanga ngaye ukuthi wabeyimpumputhe nokuthi usethole ukubona, baze babiza abazali bakhe lowo osethole ukubona.

19. Bababuza bathi: “Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? Pho, isibona kanjani manje na?”

20. Abazali bakhe base bephendula bethi: “Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu nokuthi wazalwa eyimpumputhe;

21. kepha ukuthi usebona kanjani kalokhu asazi, nokuthi ngubani ovule amehlo akhe asazi; mbuzeni yena, usekhulile, uzozikhulumela yena.”

22. Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.*

Ngokukajohane 9