26. Bathi-ke kuye: “Wenzeni kuwe na? Uwavule kanjani amehlo akho na?”
27. Wabaphendula wathi: “Kade nginitshela, kepha anizwanga; nifunelani ukuzwa futhi na? Niyafuna yini nani ukuba ngabafundi bakhe na?”
28. Bamthuka bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe, kepha thina singabafundi bakaMose.
29. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose, kodwa lo asimazi lapha evela khona.”
30. Waphendula lowo muntu, wathi kubo: “Lokhu kuyisimangaliso ukuthi nina anazi lapho evela khona, ingani uvule amehlo ami.
31. Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, ayenze intando yakhe, uyamuzwa lowo.