18. Kepha abaJuda abakholwanga ngaye ukuthi wabeyimpumputhe nokuthi usethole ukubona, baze babiza abazali bakhe lowo osethole ukubona.
19. Bababuza bathi: “Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? Pho, isibona kanjani manje na?”
20. Abazali bakhe base bephendula bethi: “Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu nokuthi wazalwa eyimpumputhe;
21. kepha ukuthi usebona kanjani kalokhu asazi, nokuthi ngubani ovule amehlo akhe asazi; mbuzeni yena, usekhulile, uzozikhulumela yena.”
22. Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.*
23. Ngakho-ke abazali bakhe bathi: “Usekhulile, mbuzeni yena.”
24. Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe, bathi kuye: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.”
25. Yena wayesephendula ethi: “Nokuba uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.”
26. Bathi-ke kuye: “Wenzeni kuwe na? Uwavule kanjani amehlo akho na?”
27. Wabaphendula wathi: “Kade nginitshela, kepha anizwanga; nifunelani ukuzwa futhi na? Niyafuna yini nani ukuba ngabafundi bakhe na?”
28. Bamthuka bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe, kepha thina singabafundi bakaMose.
29. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose, kodwa lo asimazi lapha evela khona.”