Ngokukajohane 9:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe.

2. Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?”

3. UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu.

4. Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo, kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze muntu.

5. Ngisekhona ezweni ngingukukhanya kwezwe.”

6. Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, waninda amehlo ayo ngodaka.

Ngokukajohane 9