1. Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe.
2. Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?”
3. UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu.
4. Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo, kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze muntu.
5. Ngisekhona ezweni ngingukukhanya kwezwe.”
6. Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, waninda amehlo ayo ngodaka.
7. Wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” okuhunyushwa ngokuthi oThunyiweyo; yamuka-ke, yageza, yeza ibona.
8. Ngakho abakhelene nayo nababeyibonile phambili iyisinxibi bathi: “Akusiye lo owayehlezi enxiba na?”
9. Abanye bathi: “Nguyena,” abanye bathi: “Qha, kepha ufana naye;” yena wathi: “Nginguye.”
10. Base bethi kuye: “Pho, amehlo akho avulwe kanjani na?”
11. Waphendula yena, wathi: “Umuntu othiwa uJesu wenza udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: ‘Yana eSilowama, ugeze.’ Ngaya, ngageza, ngabona.”
12. Bathi kuye: “Uphi yena na?”Wathi: “Angazi.”
13. Bamyisa kubaFarisi lowo okade eyimpumputhe.
14. Kwakuyisabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo akhe.
15. Khona nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukuthole kanjani ukubona. Wathi kubo: “Waninda amehlo ami ngodaka, ngageza, sengiyabona.”
16. Ngakho abanye kubaFarisi bathi: “Lona kaveli kuNkulunkulu, lokhu engagcini isabatha.”Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabo.
17. Khona baphinda bathi kuyo impumputhe: “Wena uthini ngaye, lokhu evule amehlo akho, na?”Yathi: “Ungumprofethi.”
18. Kepha abaJuda abakholwanga ngaye ukuthi wabeyimpumputhe nokuthi usethole ukubona, baze babiza abazali bakhe lowo osethole ukubona.
19. Bababuza bathi: “Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? Pho, isibona kanjani manje na?”