Ngokukajohane 9:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe.

2. Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?”

3. UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu.

4. Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo, kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze muntu.

5. Ngisekhona ezweni ngingukukhanya kwezwe.”

6. Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, waninda amehlo ayo ngodaka.

7. Wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” okuhunyushwa ngokuthi oThunyiweyo; yamuka-ke, yageza, yeza ibona.

8. Ngakho abakhelene nayo nababeyibonile phambili iyisinxibi bathi: “Akusiye lo owayehlezi enxiba na?”

9. Abanye bathi: “Nguyena,” abanye bathi: “Qha, kepha ufana naye;” yena wathi: “Nginguye.”

10. Base bethi kuye: “Pho, amehlo akho avulwe kanjani na?”

11. Waphendula yena, wathi: “Umuntu othiwa uJesu wenza udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: ‘Yana eSilowama, ugeze.’ Ngaya, ngageza, ngabona.”

12. Bathi kuye: “Uphi yena na?”Wathi: “Angazi.”

13. Bamyisa kubaFarisi lowo okade eyimpumputhe.

Ngokukajohane 9