9. Bathi ukuzwa lokho, belahlwa yizinhliziyo zabo baphuma ngabanye, beqalela kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina, uJesu wasala yedwa; nowesifazane wayemi khona.
10. UJesu wayeselulama; engaboni muntu ngaphandle kowesifazane wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? Akakho okulahlayo na?”
11. Wayesethi: “Akakho, Nkosi.”Wathi-ke uJesu kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”
12. Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”
13. Khona bathi kuye abaFarisi: “Uyazifakazela wena; ubufakazi bakho ubuqinisile.”
14. UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi ukuthi ngavelaphi nokuthi ngiyaphi; kepha nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi.
15. Nina nahlulela ngokwenyama, kepha mina angahluleli muntu.
16. Nakuba ngahlulela, ukwahlulela kwami kungokuqinisileyo, ngokuba ngingengedwa, kodwa yimina nongithumileyo.
17. Yebo, kulotshiwe nasemthethweni wakini ukuthi ubufakazi babantu ababili bungobuqinisileyo.
18. Mina ngingozifakazelayo; noBaba ongithumileyo ufakaza ngami.”
19. Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?”UJesu waphendula ngokuthi: “Anazi nami naBaba; uma beningazi mina, nga nimazi noBaba.”